imoto ethwala izimpahla eziyingozi - iminyaka engu 25.
esasebenza yokushayela leyonhlobo yemoto upotsholwe ngudokodela wathi uphilile unikezwe igunya yinhlangano yokufundisa evumelekile ungakaze waboshelwa ukushayela uphuzile, noma ushayela ubudlabha noma waboshelwa icala eliphathelene nokulwa ilayisensi yakho ingakaze imiswe.
Kuyizinhlobo ezithile zamacala ezingenza ukuthi ungatholi iphomede yokushayela kobungcweti. Amacala osekuphele iminyaka emihlanu enzeka awazubhekwa.
Uzohlolwa amehlo esenta yokuvivinya abashayeli.
incwadi yomazisi, ilayisensi yekhadi noma ipasipoti yaseMzansi esebenzayo.
izithombe ezingezona zombala zencwadi yomazisi ezimbili ilayisensi esebenzayo yokushayela isitifiketi sokufunda uma kudingeka isitifiketi sakwadokodela esingadluli ezinyangeni ezimbili senziwa namanye amaphomede okushayela onawo.
Khokha imali enqunyiwe.
Uzokwaziswa uma ikhadi lephomede yokushayela kobungcweti selilungile ukuthi ulilande. Umele ukuthi ukwazi ukuzazisa uma ulanda ikhadi lakho. Amakhadi angalandwa kuze kuphele izinsuku ezingu 120 azobhuqwa.
